
UMinnie Dlamini uthi uzoqhubeka nokuthatha izinyathelo zomthetho iPodcast & Chill kaMacG yize ethole incwadi yesixoliso evela kubameli.
UMacG waphawula ohlelweni lwakhe ngokuhlukana kukaMinnie nesoka elingudokotela uBrian Monaisa.
UMacG wathi ukuhlukana kwabo kusho ukuthi kunokungahambi kahle kuMinnie ngoba akakwazi ukugcina indoda. Wathi mhlawumbe inkomo yakhe ayinalo iphunga elihle.
Lesi senzo sacasula abaningi kwasuka umsindo omkhulu.
UMacG wasishaya indiva waziqhubekela nempilo ngathi akaze kwenzeke lutho kwaze kwaba yizolo ngoMsombuluko lapho exolise khona ohlelweni.
Uthe kwakungeyona inhloso ukungcolisa isithunzi sabantu besifazane noMinnie.
Ube esemema uMinnie ukuthi eze ohlelweni baqede ‘impi’ phakathi kwabo athe yasuswa yilo uhlelo.
UMinnie usekhiphe isitatimende ethi okwashowo kumphathe kabi.
Uthe akaze asho lutho olubi nge pocast kaMacG.
Uthe ukuxolisa manje kuyimizamo yokuzivikela kunokulungisa ubuhlungu obuzwiswe abanye.
“Ngizoqhubeka nezinyathelo zomthetho. Njengosaziwayo nomama angizenzeli mina kuphela kodwa ngenzela wonke umuntu wesizane okunyathelwe isithunzi sakhe egameni lokwenza i content nokujabulisa abantu,” kusho uMinnie.
Ubonge bonke abamesekile.
