
I-Wydad Casablanca isikhiphe isitatimende ithi umqeqeshi uRulani Mokoena unikwe ikhefu eliyisipesheli ngenxa yengcindezi kuze kuphele isizini bese kunqanyulwa inkontileka yakhe.
URulani ufike kwiWydad ekuqaleni kwesizini esuka kwiMamelodi Sundowns. Usayine inkontileka ephela ngo 2027.
Ufike nethimba lakhe u-Alan Freese, Sinethemba Badela, Sean Louw, Sibusiso Mahlangu noSibusiso Makitla.
IWydad isendaweni yesithathi kwi log kanti isicoco sesivele sithathwe yiRS Berkane.
NgoMgqibelo izodlala ne-AS Far esendaweni yesibili bese ilungiselela iFifa Club World Cup engoJune.
Emidlalweni edlule uRulani ubengaphansi kwenkulu ingcindezi kubalandeli njengoba isawine kanye emidlalweni emine.
Isitatimende seWydad sithe inkontileka izonqanyulwa uma kusongwa isizini futhi akukho sinxephezelo azosithola ngaphandle komholo wenyanga okumele awuthole.
Imfisele inhlanhla nethimba lakhe.
