
Nhlakanipho Mnqayi
Izihlathi zivakashele izindlebe ngesikhathi inkampani yomshwalense uMetropolitan iklomelisa abalimi abasafufusa abangu-10 emcimbini obubanjelwe eMhlanga, eThekwini namhlanje ngoLwesine.
Le nkampani iklomelise labalimi ngaphansi kohlelo lwe-Metropolitan Collective Shapers abaluqale ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule nabalimi abangu-20, bahlungwa kwasala abangu-10 njengoba belubhekelele kakhulu kwezolimo esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Abalimi baphinde banikwa nemali engu-R20 000 umlimi ngamunye ezobasiza ukusimamisa amabhizinisi abo.
UNksz Sindiswa Ndlovu wase-Hammasrdale, ongumlimi otshala amaveji baphinde bawadayisele umphakathi, uthe uhambo lwakhe kulolu hlelo lwaka-Metropolitan lumsizile kakhulu ngoba ibhizinisi lakhe belingenzi kahle.
“Kulukhuni ukuba usomabhizinisi nokuqala into phansi. Abakwa-Metropolitan ngesikhathi befika bezosisiza, basifundise okuningi kusukela kwi-Business Management, Financial Education ne-Marketing Strategy. Kumnandi ukwazi ukuthi kunabantu abakholelwa ebhizinisini lakho ngoba bakwenza nawe ukholelwe kakhulu kulo,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe ukufika kwe-Metropolitan kubo, ifike yaba ngumeluleki.
“Isinikeze ugqozi lokuthi kuyenzeka. Njengamanje simi kulendawo sikholelwa kakhulu emibonweni esinayo nasemabhizinisini ethu ngoba bebekhona ukusibamba ngesandla, basitakule siye phezulu,” usho kanje.
UMnuz Ntethelelo Mdletshe odabuka eNquthu, ogxile kakhulu ebhizinisini elibizwa nge-Agri Business, elibhekelele ukukhulisa izitshalo, uthe uhambo belungekho lula, beludinga umuntu ozimisele nowaziyo ukuthi ibhizinisi lakhe libhekephi eminyakeni eyishumi ukusuka manje.
“Ungaba nalo ibhizinisi kodwa uma ungenawo umbono wokuthi libhekephi, ngeke lifike la ofisa liye khona. Ukuba kulolu hlelo kungisizile kakhulu ngoba ngivuleleke emathubeni amaningi. Ngihlangane nozakwethu sakwazi ukuthi sicobelelane ngolwazi nangemibono,” kusho uMdletshe.
Uthe ubumbano lubasize kakhulu ngoba uma omunye bekukhona angakwazi, ozakwabo bebekwazi ukumcebisa ukuthi leyonto yenziwa kanjani nokuyinto embeke la ekhona namuhla. Into ayiqhakambise kakhulu ukuzimisela nokufunda ukulalela ngoba uma ungumuntu osebhizinisini kumele ukuthande ukufunda.
Isikhulu esiphezulu sakwa-Metropolitan, uMnuz Peter Tshiguvho, uthe lolu suku bekubungazwa abalimi abayishumi abadlule ekuqeqeshweni okuningi ukuze befike lapha abakhona.
“Ngijabulile kakhulu ukubona izinga labalimi esisale nabo ohlwini lwabangu-10 uma bechaza ngenkulu intshisekelo umsebenzi abawenzayo kanye nomsebenzi asebewenzile namandla okusimamisa amabhizinisi abo aye phambili. Yize lokhu kuyingqophamlando esiyigubhayo namuhla, muningi umsebenzi intsha ekusamele iwenze nabasazokufunda,” kusho uTshiguvho.
Uthe ubudlelwano abanabo nenkampani yezolimo i-Agri Enterprise Future Farming, bubaluleke kakhulu ekuphumeleleni kohlelo olufana nalolu. Uthe njengenkampani uMetropolitan lolu akulona uhlobo lwebhizinisi abazinze kulo, kodwa bakwenza lokhu ngoba bafuna ukubuyisela emiphakathini abaqhamuka kuyo.
Nantu uhlu lwabalimi abangu-10 abathweswe imiyezane:
- Noluthando Khumalo
- Nduduzo Mtshali
- Siphindile Hlengwa
- Thabiso Sithole
- Sindiswa Ndlovu
- Ntethelelo Mdletshe
- Siphanaso Ngubane
- Bhekumndeni Khumalo
- Yolanda Maphalala
- Linda Mthalane
