
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa KwaZulu-Natal afuna phansi phezulu, uLinda Hlongwa odume ngelika ‘Putin noma uMjinja’ ngamacala okubulala eNazareth, ePinetown ngoMarch nonyaka.
UHlongwa kuthiwa wadubula wabulala intombi yakhe eneminyaka engu-22 nomawayo oneminyaka engu-52 ekhaya labo. Amaphoyisa aphinde abika ukuthi ngo-September nyakenye wayefunwa kodwa namanje usagcwele amathafa.

Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa sithe uHlongwa waboshwa ngo-20 July 2020 ngesikhathi etholwa nesibhamu kanye nezinhlamvu eWendolins eMariannhill kodwa wadedelwa ngesikhathi kusalindwe imiphumela yama-ballistics, kuze kube yimanje uyazibalekela izicelo zasenkantolo ukuze abhekane namacala akhe.
“UPutin ufunwa ngolunye uxhaxha lwamacala okuqola okusolakala ukuthi ubehlukumeza osomabhizinisi eMariannhill namaphethelo. Incwadi yokuboshwa kuka Hlongwa yakhishwa inkantolo yaMantshi ePinetown ngoSeptember nyakenye,” kusho isitatimende.
Amaphoyisa anxusa amalunga omphakathi nanoma ubani ongase abe nolwazi lokuthi uHlongwa ukephi athinte uColonel Sikhakhane ku-078 696 3546 noma asebenzise inamba yamaphoyisa ethi 08600 10111.
