
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa omkhankaso -Operation Vala Umgodi abophe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kwengu-32 no-54, abatholwe nempahla ka-Eskom eMpangeni naseMtunzini ngeSonto.
Laba basolwa babanjwe nale mpahla ebiza u-R1.5 million.
Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa, aveza ukuthi ancinzwe indlebe mayelana nabasolwa abaphethe impahla eyebiwe.
“Amaphoyisa agasele emzini endaweni yaseNgwelezane okuboshwe kuyo abasolwa abahlanu abatholwe bephethe amamitha, icopper nezinye izinto okungezakwa-Eskom,” kusho isitatimende.

Sithe lempahla yantshontshwa ngesikhathi kubanjwa inkunzi endaweni yase-Sabhuza Reserve ngo-17 Mashi nonyaka.
“Uphenyo luholele amaphoyisa endaweni yaseManteneshana, eMakholokholo okuyilapho okuboshwe khona umsolwa wesithupha ephethe enye impahla yakwa-Eskom. Umsolwa uphinde watholwa nesibhamu kanye nezinhlamvu,” sisho kanje.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi eMpangeni ngoLwesibili.
