
Nhlakanipho Mnqayi
Kulindeleke ukuthi uMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma ahlangane nabaholi boMdabu eThekwini ukuzobhunga mayelana nokuyiswa kwezisulu zezikhukhula emhlabeni ongaphansi kwamakhosi.
Lomhlangano ozobe use-Archie Gumede Conference Centre, eMayville, uzobe uphakathi kwaMakhosi aseNdlunkulu ngaphansi koMasipala weTheku.
UDuma uthe njengoba bake bahlangana ngaphambilini neSilo, uMisuZulu KaZwelithini nyakenye naseSandlwane muva-nje, ISilo siveze izeluleko eziningi odabeni oluthinta ukusetshenziswa komhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust.
“ISilo sigcizelele ukubaluleka kokusebenzisana nobuKhosi nesikhungo sabaholi bomdabu ukuze kwakhiwe izindlu, kulungiswe nemigwaqo kwenzelwa abantu baKwaZulu-Natal,” kusho uDuma.
Uthe kulomhlangano kuzodingidwa ngezinto eziningi, okubalwa kuzo:
- Isicelo kanye nokukhonjiswa umhlaba ongaphansi kwamakhosi ukuze izisulu zezikhukhula zakhelwe izindlu.
- Kudingidwe ukususwa kwemiphakathi ehlala eduze nemifula nasezindaweni ezigcwele amanzi, bsyiswe emhlabeni ongcono ngaphansi kwamakhosi.
- Ukusungulwa kwezinhlelo zemiphakathi ngokululekwa smakhosi, ukunciphisa umthelela wokuguquguquka kwesimo sezulu.
- Ukubuyekeza ukwakhiwa kwemigwaqo namabhuloho, ukulungiswa kwemigwaqo namabhuloho akhahlanyezwa yizikhukhula zakamuva.
- Nokuqinisa amaxhamu obudlelwano phakathi komnyango namakhosi eThekwini.
