
Nhlakanipho Mnqayi
ABASEBENZI basesibhedlela iLadysmith Hosptital, KwaZulu-Natal, kulindeleke ukuthi baqhubeke nokubhikisha namhlanje njengoba bekhala ngokuhlukumezeka kwabo kulesi sibhedlela.
Kuthiwa laba basebenzi bakhala ngomphathi abathi usebenzisa amandla akhe ukuhlukumeza abasebenzi njengoba kuthiwe uxoshe o-porter, waqasha inkampani yonogada ukuthi yenze umsebenzi wabo.
Okhulumela inhlangano yamanesi i-Democratic Nursing Organisation of South Africa (DENOSA) KwaZulu-Natal, uMnuz Andile Mbeje ubuze ukuthi uma onogada sebenza lowo msebenzi, ubani ozokhokhela leyo nkampani?
“Uma umphathi ehlambalaza amanesi kuthiwa amanesi awayilutho, ikakhulukazi amanesi aqashwe ngokusemthethweni, isigungu esangamele amanesi iSouth African Nursing Council sidicilileka phansi ngoba amanesi awakwazi ukwenza umsebenzi aqashelwe wona wokuhlenga iziguli, aphinde aqinisekise ukuthi iziguli ziyanakekelwa,” kusho uMbeje.
Uthe izinyunyana zivumelene ngokuyeka ukuya kwenye imihlangano ye-Institutional Management Labour Committee.
“Izinyunyana ezihlala ezithangamini zidingide izinkinga zamanesi ngeke zisayithamela ngoba nazo zibona sengathi zicekelwa phansi. Sinxusa uMnyango wezeMpilo ukuba ungenelele kulolu daba ngokushesha,” usho kanje.
