
UMkhonto weSizwe Party ne-African Transformation Movement buvumelane ngokusebenza ndawonye kuzo zonke izinto ezithinta ipolitiki, umphakathi nemisebenzi yasePhalamende.
Umholi weMK uMnuz Jacob Zuma noProfessor Caesar Nongqunga we-ATM bahlangane eThekwini ngoLwesithathu. Bavumelane ngokuthi awukaphothulwa umsebenzi wokukhulula ngokugcwele abantu abamnyama.
Isitatimende se-ATM neMK sithe umhlangano ukhethe ukuthi oNobhala Jikelele bamaqembu womabili nabanye ababili eqenjini ngalinye kumele bahlangane behlele kahle indlela yokusebenzisana kubhekwe okhethweni lomasipala ngo-2026 nolukazwelonke ngo-2029.
Amaqembu anxuse amanaye ukuthi aweseke.
