
Owayeyiphoyisa elingu-Lieutenant Colonel eliphethe esiteshini iBhekithemba uKhephu Ndlovu utholwe necala lokwamukela intshontsho likaR120 000 ukuze kuduke idokodo likamfowabo.
Imali yalethwa ngesikhwama endaweni yokupaka izimoto esiteshini saseDurban Central.
Inkantolo yesiFunda ePinetown imthole necala naboshwa nabo uCaptain Bongani Dlamini owanqatshelwa ibheyili.
Kuthiwa imali yayivela kuNkk Sibongile Ndlovu (umsolwa wesibili) ngomyalelo womyeni wakhe ongumfowabo kaNdlovu, uFelokwakhe Ndlovu (ongumsolwa wesithathu).
UFelokwakhe waboshelwa icala lokubulala umholi we-ANC KwaNdengezi uMnuz Thulani Nxumalo wagwetswa udilikajele.
I-News24 ibike ukuthi uKhephu ubonakale edangele ngesikhathi esehla esebheke ezitokosini ngoMsombuluko emuva kokutholaa necala. Wehle nommeli wakhe obuye esephethe ezinye zezimpahla zakhe.
Yena nendodana kaFelokwakhe uLindokuhle Ndlovu bazame ukucela iMantshi ukuthi yelule ibheyili yabo kodwa yenqaba.
UDlamini noNkk Ndlovu bona bebevele begqunywe ezitokisini.
Icala lihlehlele uMarch 31 ukuze kwenziwe izethulo ngaphambi kokukhishwa kwesigwebo.
