
Inkampani yonogada iKZNVIP Protection ikhala ngokubizwa ngezigebengu konogada bayo ababulawe Butterworth e-Eastern Cape ngeledlule.
Labo nogada babulawa kanye nosolwa ngokuba yisigebengu okuthiwa besisatshwa uYanga “Bara” Nyalarha esigamekweni okuthiwa babedubulana kuso namaphoyisa.
Ngokwesitatimende seKZNVIP Protection onogada abane ababulawa basebenzela le nkampani kodwa ithi izitatimende zamaphoyisa ngokwenzeka ziyashayisana njengoba ikhala ngokuthi babizwa ngezigebengu ezazifunelwa ukubamba inkunzi imoto yemali futhi bephethe izibhamu ezingekho emthethweni.

Le nkampani ithi amavideo nezithombe okuzungeza ezinkundleni zokuxhumana zikhombisa enye into kanti bayethemba ukuthi kuzosiza ukuthi kugcwaliseke abakushoyo ukuthi bamsulwa. Inkampani ithi icala lokubulawa kwalabo nogada liphenywa uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-IPID.
