
Inkampani ephethe izindaba zomdlali we-Orlando Pirates uMonnapule Saleng ithi umdlali uzimisele ngokulandela imigudu efanele ukulungisa inkinga ephakathi kwakhe neqembu.
Sekuphele isikhathi usaleng engabonakali esikimini futhi abalandeli bahlale bekhala.
Isiteshi sakuYoutube iSoccerbeat ngoLwesihlanu sithe uSaleng ubefunwa yi-Al Ahly yase-Egypt. IPirates naleli qembu bese bevumelene ngakho konke kangangokuba iPirates yamlungisela naphepha okuya e-Egypt. Indaba isuke i-Al Ahly ingasakwazi ukudayisa uPercy Tau isikhala sakhe ebesizovalwa uSaleng. Kuthe noma uTau eshiyile waya kwiQatar SC asegijima kuyo, i-Al Ahly yangabe isabuya ukuyoqedella izingxoxo zokusayina uSaleng.
Nokho iP Management Sports ephethe izindaba zomdlali esitatimendeni namhlanje ekseni ithe iyazi ngokuqagela okukhona ngalo mdlali. Ithe ukuthula kwayo akungathahwa ngokuthi iyakweseka okushiwoyo.
Ithe indaba ithinta ubudlellwano bomqashi nomqashwaa futhi umdlali uzimisele ngokulungisa izinkinga elalndella imigudu efanele yezomthetho neyokusebenza.
“Ngeke sisakhuluma emphakathini. Okubalulekile kithi ukwenza okufanele ikhasimende yethu sibe sifuna isinqumo esikahle.”
