
Bakhale ngezipoti, amaphoyisa afumbathiswayo kanye nabasuka kwezinye izindawo vezogila imikhuba ezindaweni zabo, abantu abakhele uMasipala iKing Cetshwayo ngesikhathi uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli ebahambele kuyodingidwa ngendaba yobugebengu nokuhlukumeza ngokobulili.
Ezinye izakhamuzi zicele ukuba kuke kubhekwe ukuthi izipoti zinawo yini amaphepha afanele. Abanye bakhale ngamaphoyisa afumbathiswa abanikazi bama-tuck shop ababuye badayise ezikaFaro. UNtuli uthe akakholwa ukuthi ubugebebgu budalwa ukuthi abantu abaningi abasebenzi ngoba nabasebenzayo bayabenza ubugebengu.
Uthe iningi labantu abangasebenzi abazibandakanyi nobugebengu. ‘’Kumina nje, ubugebengu into umuntu azikhethela yona. Azikho izimo eziphoqa ukuba umuntu enze ubugebengu.’
Uthe njengoba bebenalesi sithangami nje, bebekade benomhlangano wezinsuku ezimbili bewumkhandlu wokulwa nobugebengu lapho bevumelene khona ngokuthi kumele kuhanjelwe imiphakathi, ifundiswe futhi iqwashiswe ngobugebengu, kuqiniswe amaxhama okuxhumana phakathi kwemiphakathi namaphoyisa, ezindaweni zasemakhaya lapho kubhoke khona ukwebiwa kwemfuyo, kuqiniswe ezokuphepha. Yize bekukhona izikhalo ngobugebengu kodwa kube khona nezincomo ngokubambisana phakathi kwemiphakathi namaphoyisa kwezinye izindawo.
