
Kwenzeke okungajwayelekile kuhlehliswa ukwethulwa kwesabelomali sango-2025, obekumele kwenziwe uMinister weZimali uMnuz Enoch Godongwane namuhla ngoLwesithathu.
Lesi bekuyisabelo mali sokuqala ebesizokwethulwa ngaphansi kukahulumeni wokubambisana emuva kokuthi lingekho iqembu elinqobe ingcaca ukhetho lwanyakenye.
UGodongwane esithangamini nabezindaba, uthe isabelo mali akusiso esakhe kodwa eseKhabhinethi, uma kukhona ungavumelani kumele kuhlehliswe kodwa umthetho uthi kumele isabelomali sethulwe ungakaqali unyaka wezimali omusha.
Umemezele ukuthi isabelo mali sizokwethulwa ngo-12 March 2025. Amaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana abehambisana nokuthi kuhlehliswe kodwa aphikisayo abebabaza ethi lokhu kukhombisa ukwehluleka kwalohulumeni.
Aphikisayo abefuna uGodongwane ayethule bese kuba nenkulumompikiswane.
