
Kuboshwe abane kwashaqwa izibhamu ezingu-5 kulandelwa umkhondo wababamba inkunzi imoto yemali eKuvukeni esiFundeni uMzinyathi.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-28 no 58 baboshwe ngoLwesine ezindaweni ezehlukene.
Amaphoyisa aqale agasela eWasbank lapho ebophe khona umsolwa watholwa nesibhamu i-9mm nesikhulu i-M14, nemoto okusolwa ukuthi yebiwa eHebron eGauteng nezinhlamvu.
Adlulele kwenye indawo abopha umsolwa watholwa nezinhlokohlela zezibhamu i-R5 ne-M14 nezinhlamvu. Endaweni yesithathu abophe umsolwa watholwa neziqhumane ezisetshenziswa ezimayini ne-shotgun.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, esigamekweni esehlukile kuboshwe otholwe nesibhamu esingekho emthethweni i-.38 special revolver.
Abasolwa kulindeleke bavele enkantolo yeMantshi eGreytown neyaseGlencoe maduze.
