
Isilo uMisuzulu kaZwelithini sisabela ukusocongwa saze sabhalela uMongameli Cyril Ramaphosa ukuthi angenelele ngoba kuncishiswe abaqaphi baso.
Isilo sehliselwe isibalo samaphoyisa ePresidential Protection Services (PSS) asiqaphayo sashiywa nawu-5 kade ewu-12.
Isilo sisaba ukuthi kukhona abangafuna ukusenzakalisa ngoba sithe akuphenywe ngemali yeNgonyama Trust Board.
Kunabakholwa ukuthi akumele vele sigadwe yiPPS ngoba kumele sihambe namaphoyisa eRoyal Protection Unit aKwaZulu-Natal.
I-News24 ithe Isilo sibhalele uRamaphosa ngoFebruary 9 sithi ngenxa yokushuba kwesimo endlunkulu, impilo yaso isengcupheni. Sithe siya eSwatini ngomhlaka 7 February abaqaphi bancipha baba yisihlanu nokuyinto esibeka engcupheni ngoba bengagadla ngisho singaphandle.
Ngomhlaka 6 February sakhuluma noMinister wamaphoyisa uSenzo Mchunu ukuthi angenelele.
Okhulumela uMchunu uKamogelo Mogotsi uthe uyazi ngokukhuluma kwabo kodwa ngeke akwazi ukuphendula eminye imibuzo.
“Ungqongqoshe wangiqinisekisa ukuthi lolu daba bazolisebenza kodwa kuze kube yimanje akukenzeki lutho ukubuyisa onogada bami. Yize nganikezwa igunya elifana nelomengameli abadala angibatholi onogada abahambiselana nalokhu. Eminye imihlomulo ehambisana nokuba wumengameli wakudala zihlanganisa umholo uze ufe nabaqaphi. Ngenxa yokusaba okukhona ngicela ngenhlonipho ukuthi ungenelele wenze isiqiniseko sokuthi abaqaphi bami bayabuyiselwa ngale kokubambezeleka. Ngiyathemba lolu daba luzosukunyelwa ngokushesha njengoba kufanele,” kubhala Isilo.
Umthombo uthe ngisho omengameli bakudala uJacob Zuma, Thabo Mbeki noKgalema Motlanthe uma bephuma ezweni bahamba nabaqaphi abawu-5.
