
UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntulu ugqugquzele obaba ukuba bakhombise uthando emakhaya ukuze izingane ziluphile.
UNtuli usho lokhu ekhuluma namalungu omphakathi waseFrere kuMasipala waseNkosi Langalibalele namuhla ngoLwesine lapho aqale adlulisa khona indlu enefenisha emndenini kaNkk Thandi Mbhele waku-ward 18.
Ubuye wahlangana namalungu omphakathi athole ithuba lokubika ngezinkinga zawo nokuncoma lapho kwenziwa khona kahle.
UNtuli uthe ayikho into emnandi njengokuba nobaba, othi uma engena egcekeni ugijime uye kuye akubambe ngesandla akwange. Uthe ukutshela umama wasekhaya ukuthi uyamthanda kumele kwenzeke phambi kwezingane ukuze nazo zikuphile, ukuze nazo uma sezinamakhosikazi zazi ukuthi unkosikazi uyathandwa.
‘Ngicela, ngiyaninxusa mina ukuba sibe nalolo thando lolo sinikeze omama uthando emakhaya. Ngiyele ngithi mina akusilo icala ukunika umama imali ekhaya, encane nje onayo, umuntu othandana naye ngoba niyathandana unkosikazi wakho. Umthengele okuncane nje, uthi okothando ke lokhu,’ kusho uNtuli.
Uthe ukuze izingane uma zikhula zazi ukuthi uthando into okumele uyinike umndeni. Ugqugquzele ukuba abantu babuyele ekulimeni, wathi sebevumelene noMnyango wezoLimo ukuthi uma abantu befuna ukulima abasizwe ngezinsiza.
