
Ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele usomabhizinisi owenza amathenda olahlewe amacala okukhwabanisa imali ecela ku-R1.5 million kuMnyango wezoLimo eKZN.
UMlungisi Brian Khumalo (46) ugwetshwe le minyaka ngamacala angu-8 okukhwabanisa.
Okhulumela oKlebe eKZN uLt Colonel Simphiwe Mhlongo, esitatimendeni uveze ukuthi uKhumalo wahlangana no-Emmanuel Nkosinathi Mkhize (50) owayesebenza eMnyangweni wezoLimo, Ezemvelo nokuThuthukiswa kweZindawo zaseMakhaya.
Phakathi kukaJanuwary 2012 noJune 2014, UKhumalo wayesebenzi ophikweni lakwa-Logitics kwaSuppy Chain Management eCedara eHilton eMgungundlovu. Kuthiwa uMkhize waqamba amanga wathi iKhumzi Business Solution ne-Ubaqa Lwethu Service banikwe ithenda yokwenza umsebenzi owawudingwa umnyango.
Kuthiwa waqhubeka waqamba amanga wathi lezi zinkamani ziyitholile ithenda emuva kokulandelwa kwezigaba ezifanele, nokuthi lezi zinkampani zawenza umsebenzi. Kuthiwa lezi zinkampani zakhokhelwa uR1 487 978.06.
Kuthiwa umnyango awukaze ukhangise ngale thenda yalo msebenzi futhi akukho msebenzi owenziwa. Laba kuthiwa basebenza ngenhloso eyodwa yokuthi bakhwabanisele umnyango imali. Kwavulwa icala lokukhwabanisa emaphoyiseni eHilton ladluliselwa ophikweni loKlebe eMgungundlovu.
UMkhize walivuma icala wagwetshwa iminyaka engu-16 ebhadla ejele ngo-2020. UKhumalo naye kuthiwa wavela enkantolo ngoJanuwary 2021, walivuma icala ngoJune nyakenye. Ugwetshwe iminyaka engu-15 ngamacala angu-8 okukhwabanisa neminayangu engu-10 ngamacala angu-14 okushintshana ngemali ngokungemthetho.
Izigwebo zizohambisana.
