
Izidumbu zamasosha angu-14 aseSouth Africa asale enkundleni empini eseGoma eDemocratic Republic of Congo zisendleleni ebuyayo.
Lezi zidumbu ziweliselwe eRwaanda ngeloli le-United Nations (UN) futhi bezigadwe yizimoto zayo le nhlangano.
Amasosha akuleli aseDRC ukuyodala ukuthula ngaphansi kwe-UN.
I-website yezindaba yaseRwanda i-igihe.com ithi izimoto zibonakale zibheke eKampala e-Uganda. Izidumbu zizosuka lapho ngebhanoyi e-Entebbe International Airport zize la eSouth Africa.
Bekuhlelwe ukuthi izidumbu zibuye ngoLwesine kodwa kwaba nokubambezeleka.
