
Kuzoba nomdlalo omusha iThonga kuMzansi Magic kusukela ngo-March 3 ngo-8.30 ebusuku.
Umdlalo uvala isikhala soMkhokha; The Curse ophelayo kule nyanga.
IMzansi Magic esitatimendeni esifake kwi-website yeDStv ithe iThonga likhuluma ngothando nobumbano lwamawele.
“Wake wezwa ngamawele anomphefumulo owodwa? Uhambo lwawo lulokhu luhlangene ngisho ngabe impilo yawo iqhubeka kanjani?”
Amawele lawa nguBanele noSanele bobabili abazolingiswa wuBonko Khoza owaduma enguMqhele kwiThe Wife.
Uke wawalingisa amawele kwiRed Ink yakuShowmax.
“Wumdlalo ongowaseSouth Africa ngempella ogxile esikweni lesiZulu futhi uyinto entsha eseke yavela kwi-screen. Mzzansi, anifuni ukuthi lo uniphuthe,” usho kanje uBonko.
Abanye adlala nabo ngo-Ayanda Borotho, Noluthando Ngema, Siphosethu Mabaso noNelisiwe Sibiya.
