
Ugwetshwe iminyaka engu-23 ebhadla ejele olahlwe ngecala lokudlwengula, ukuthumba nokushaya.
USanele Ntshebe Dlamini (42) ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda eNtuzuma iminyaka engu-16 ngokudlwengula, engu-5 ngokuthumba nemibili ngokushaya.
Kuthiwa ngo-12 August 2023 wahlangana nowesifazane ona-25, wambamba wamjija ingalo emgwaqweni eSolezwe, KwaMashu. Kuthiwa wahamba naye waya endlini yakhe wafike wamvalela kwaphetha ngokuthi amdlwengula.
Kwavulwa icala emaphoyiseni uDlamini waboshwa, wagqigqa inkantolo kwaze kwaba liyamgojela.
