
UMengameli uCyril Ramaphosa uvume eyengwadla yokuswela amanzi kwemiphakathi eyahlukene kuleli ngesikhathi ethula inkulumo iState Of the Nation Address (SONA) ePhalamende Kapa namuhla ngoLwesine ebusuku.
URamaphosa uqale inkulumo ngokuhlonipha amasosha angu-14 abulawe eDRC.
Uthe uhulumeni wokubambisana okhona uyisifiso sabantu bakuleli abangabavoti. Uthe umsebenzi wabo obalulekile ukukhulisa umnotho ukuze kudaleke amathuba omsebenzi.
URamaphosa uveze ukuthi kulo nyaka bazongenelela komasipala ukuze bakwazi ukwenza imali. Uthe bayazi abantu abaningi babhekene nengwadla yokushoda kwamanzi ngakho bazothatha izinqumo ezinqala ukuze benze isiqiniseko sokuthi inkinga yamanzi iyalungiswa njengoba kwenzekile enkingeni kagesi.
Uthe uyazi ukuthi le nkinga izolunga. Uncome ukwenza kahle kwabafundi baka-matric ka-2024 abaqophe umlando ngokuphasa ngezinga eliphezulu emlandweni wakuleli. Uthe bazoqinisekisa ukuthi baqinisa izinhlelo zezinkulisa ngokuthi yonke ingane ingene enkulisa.
URamaphosa uthe bafuna i-Eskom neTransnet ukuthi kusebenze ngendlela. Uthe elakuli linezinhlelo ezinhle zokulekelela abampofu, wabalula ukuholwa kwesibonelelo zikahulumeni, izingane ezifunda mahhala ezikoleni. Uthe bakhathazekile ngokumenyezelwe i-USA ehlongoza ukumisa uxhaso lwezinhlelo zeHIV neTB emazweni ase-Afrika izinsuku ezingu-90.
Uthe ukuphasiswa komthetho wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuzolekelela ukunciphisa lesi sihlava. Wathi angu-65 amaThuthuzela Centre kuleli kanti zonke iziteshi zinamagumbi asetshenziselwa abayizisulu zokuhlukunyezwa.
Uthe bafuna ukuqeda ngokuduva kwamatayitela ezindlu zomxhaso. Uthe bazoqinisa kwezobuchwepheshe ukuze abantu bakwazi ukuthola izidingo noma ingasiphi isikhathi noma bekuphi.
