
Owayengunompempe osewathatha umhlalaphansi uVictor Hlungwani uthi kube yisinqumo esihlaba esikhonkosini ukunika i-Orlando Pirates iphenathi ngesikhathi idlala neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Kube nokukhulu ukukhuluma unompempe uMasixole Bambiso ebeka iphenathi ngesikhathi uNjabulo Blom edonse kancane uRelebohile Mofokeng obeqeda kucisha ibhola esebheke ukulibeka enethini.
URele ucishe ngesinxele ibhola ebeliqhamuka phezulu wangena phakathi kukaBlom nonozinti uBruce Bvuma kodwa ngenxa yokudonswa wuBlom wangakwazi ukukhahlela kahle laphuma eceleni.
Unompempe ube esefutha impempe wakhomba iphenathi kwasuka umsindo. Konke lokhu kwenzeke ngesikhathi esengeziwe umdlalo kucaca ukuthi uzophela ngo 0-0.
Isilomo sePirates uTito Masangwanyi uyishaye ngesitayela iphenathi kwachwaza inkundla ebigcwele phama.
UHlungwani ekhuluma kwiMetro FM namhlanje ntambama uthe uBambiso uyihlabe esikhonkosini ngendlela alandele ngayo umthetho.
Uthe akuphikwa ukuthi uBlom udlalise kabi uRele wathi unompempe ulindile efuna ukubona ukuthi lokhu kuholela kuphi.
Ngenxa yokuthi uRele ubengasakwazi ukulawula ibhola unompempe wenze kahle wawubuyisela emumva umdlalo okuyinto athe ivunywa wumthetho.
IChiefs izozama ukuqoqa amaphuzu amathathu uma isibhekene naMaZulu eFNB Stadium kusasa ebusuku.
IPirates yona izodlala neSekhukhune United ngoLwesithathu ngaphambi kokuyobhekana neMamelodi Sundowns engaphezulu kwayo ngamaphuzu.
