
Nhlakanipho Mnqayi
Abasolwa abahlanu abebengazibheki izimoto zemali KwaZulu-Natal bakhale ngaphansi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ngoLwesithathu eRidgeview eduze naseChesterville.
Laba basolwa bebefunwa phansi phezulu njengoba bese bebambe izimoto zemali eziningi KwaZulu-Natal. Muva-nje basanda kubamba enye imoto yemali ngoMsombuluko ngo-31 March nonyaka KwaMashu emgwaqweni uM25.
Okunye okuhlalukile ukuthi laba basolwa baqhamuka eGoli futhi oyedwa wabo kusolakala ukuthi nguye ungqondongqondo okhipha wokubanjwa kwezimoto zemali ezweni lonke jikelele.
Esitatimendeni esikhishwe amaphoyisa kuvela ukuthi abelandela umkhondo wabo abasolwa okusolakala ukuthi bebeyobamba enye imoto yemali.
“Sithole ulwazi lokuthi bebeyobamba imoto yemali esiFundeni iLembe enyakatho neKwaZulu-Natal. Amaphoyisa akade ekhona endaweni aphazamise abasolwa, umkhondo wakhomba abasolwa e-Ridgeview,” kusho isitatimende.
Amaphoyisa athe ayibonile imoto yabasolwa asondela kuyo.
“Abasolwa bavulele ngezulu lezandla bebhekise emaphoyiseni, amaphoyisa angananaza, aphindisela. Ngesikhathi kudutshulwana, bobahlanu abasolwa basale enkundleni,” sisho kanje.
Abasolwa batholwe nezibhamu ezine. Amaphoyisa aphinde aqinisekisa ukuthi asaqhubeka nokubheka abanye abasolwa.
