
ISupersport United isigcine ikuqinisekisile ukuthi uhambile umqeqeshi uGavin Hunt ngenxa yemiphumela engemihle esifake iqembu engcupheni yokudliwa yizembe.
Imibiko yokuxoshwa kukaHunt iqale ukusabalala izolo kwabezindaba kodwa iSupersport yangasho lutho.
Iqembu selikhiphe isitatimende lithi bavumelene nomqeqeshi ngokuhlukana.
Lithe ibhodi nabaphathi babonge uHunt ngomsebenzi wakhe kule minyaka edlule.
“Sigculisekise ukuthi liselikhulu iqhaza uGavin angalibamba ebholeni laseNingizimu Afrika nase-Afrika ngenxa yolwazi nesipiliyoni sakhe. Sizohlala sibonga ngomthelela abe nawo eqenjini nasebholeni laseSouth Africa,” kusho isitatimende.
Sithe u-Andre Arendse uzobamba esizwa wumqeqeshi wuGrant Johnson.
Azihambi kahle izinto eqenjini ngoba iSupersport ilengela ezembeni iku number 15 kwi log ngama points angu-21 emdlalweni engu-21.
