
Nhlakanipho Mnqayi
Inkantolo enkulu yaseMgungundlovu isigwebe uSiyabonga Wiseman Ndlovu iminyaka engu-22 ebhadla ejele ngokubulala nokushaya ngenhloso yokulimaza.
Kubikwa ukuthi ngo-Ephreli-3 nyakenye, uNdlovu (34) waya eBangibizo eMthwalume, nokuyilapho ashaya owesifazane oneminyaka engu-40 ngenduku umzimba wonke. Udaba lwase lubikwa esiteshini samaphoyisa esiseHibberdene.
Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa sithe umsolwa waphindela kulo wesifazane owayethandana naye ngesikhathi ehleli nowayethandana naye ngaleso sikhathi wafuna ngodli ukubona indodakazi yabo eneminyaka emibili, wasabisa ngokuthi uzoyithatha.
“Emva kokwenza lokho ube eseya endaweni yase-Esiqungeni lapho ingane eyayinakekelwa khona ngu-anti wayo. Wabe eseyithatha ngendluzula ingane ku-anti wayiklinya yaze yafa. UNdlovu wabe esetshela unina wengane ukuthi isidumbu sayo uzosithola kuphi. Kwabe sekuvulwa idokodo lokubulala, umsolwa waboshwa,” kusho isitatimende.
Sithe emva kophenyo olunzulu olwenziwa amaphoyisa aseHibberdene, udaba lwabe seluyalelwa ukuthi lilalelwe enkantolo enkulu yaseMgungundlovu.
“Ngenxa yophenyo nobufakazi obuqanda ikhanda, uNdlovu ube esewavuma wonke amacala athweswe wona,” sisho kanje.
Izolo, uNdlovu ube esegwetshwa iminyaka embili ngokushaya ngenhloso yokulimaza, neminye engu-20 ngokubulala indodakazi yakhe.
