
Nhlakanipho Mnqayi
Kusabalale i-video ezinkundleni zokuxhumana lapho okuvela kuyo abafundi besikole samabanga aphezulu iMdingi High School, eDonnybrook KwaZulu-Natal belwa.
Kule video kubonakala abafundi beshayana kanzima ngezinduku, abanye begxotshwa kanzima nosekwenze uMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka ukuthi asigxeke lesi senzo sodlame kubafundi.
Esitatimendeni asikhiphile uthe udlame nentukuthelo akunayo indawo kwezemfundo.
“Izimo ezikanje uMnyango wezeMfundo uzithathela phezulu, njengoba zehlisa imizamo yokutshala ukuziphatha, ukuhlonipha nosiko lokufunda ezikoleni zethu,” kusho uHlomuka.
Uthe lolu daba luyaphenywa ngokukhulu ukushesha.
“Ngiyalele iziphathimandla zesifunda ukuthi zisebenzisane nesikole, abafundi nabazali ukuze kutholakale umnyombo wokuziphatha ngobudlova. Ngigcizelela ukuthi bonke abafundi abathintekayo bathathelwe izinyathelo ezinqala ezihambisana nomthetho womnyango ongahambisani nodlame ezikoleni.”
“Izikole kumele zibe yindawo ephephile lapho abafundi bethola khona imfundo, ukwelulekwa nokwesekwa. Ukuziphatha ngobudlova obubonakala kule video akwamukelekile. Siyasebenzisana nabezomthetho nezinye izinhlaka ukuqinisekisa ukuthi labo abathintekayo bayajeziswa,” usho kanje.
Umphathiswa uphinde waphonsela inselelo abazali ukuthi badlale indima ekufundiseni izingane ukuziphatha ngendlela, ngaphakathi nangaphandle kwamagceke esikole. Uthe ukwesekwa ngokwengqondo kuzohlinzekwa kubafundi abathintekile ukunciphisa umthelela walesi sigameko esishaqisayo.
Unxuse bonke abafundi esifundazweni ukuthi baxazulule izinxushunxushu abanazo ngokuxoxisana becele nokwesekwa kothisha, abaphathi besikole kanye nezinhlaka ezifanelekile ngaphandle kodlame.
