
Bongane Motaung
Isilo uMisuzulu kaZwelithini sithi sizowuqapha umsebenzi waseSandlwana kusukela ekuqaleni kuze kube uyaphothulwa ukuqinisekisa ukuthi ama-construction mafias awaphazamisi ukusebenza kosonkontileka.
Isilo uMisuzulu sithi lomsebenzi uzothuthukisa uphinde uphe umphakathi nosomabhizinisi baseSandlwana isinkwa samihla yonke kwazise phambilini umphakathi kulendawo ubugcina ngokuzuza ngosuku loMgubho weMpi yaseSandlwana.
Uveze nokuthi ukulungiswa komgwaqo waseSandlwana uP372 ongahle ubizwe ngegama lakhe kwakuyisilonda kuyise wakhe osabuza Isilo Zwelithini kaBhekuzulu, yingakho ezoqinisekisa ukuthi lomsebenzi uqhubeka ngendlela.
I-Project Manager yalo msebenzi uMnuz Ayanda Chagwe uthe bahlele ukufundisa abasebenzi futhi babahlomulise ngezitifiketi zamakhono ahlukene emkhakheni wezokwakha. Uphinde waveza ukuthi kuzokwakhiwa ingqalasizinda eyehlukene kwisigcinamagugu saseNcome kubalwa ukuvuselelwa kwe-museum, izakhiwo zosomabhizinisi lapho bezokhangisa imisebenzi yabo.
UHulumeni ubeke u-R400 million wokwakha umgwaqo, R106.1 million wokwakha ingqalasizinda ngama kusetshenziswa osonkontileka abancane bendawo, kube ngu-R 30 million wokuholela abasebenzi abazoqashwa abangu-130.
