
Nhlakanipho Mnqayi
Uphiko lwesifundazwe lwezinhlekelele, iProvincial Distaster Management Centre luyaqhubeka nokuhlinzeka ngosizo kulandela izinsuku ezimbili zemvula enamandla KwaZulu-Natal.
Le mvula ekhahlameze izindawo eziningi okubalwa kuzo neTheku idlule nemiphefumulo, yaphinde yalimaza nengqalasizinda, kwawa izihlala, kwalimala izintambo zikagesi nemigwaqo yagcwala amanzi.
U-MEC wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi udlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe nekhahlamezekile.
“NgoLwesine kwenzeke izigameko ezimbili lapho owesifazane oneminyaka engu-54 eshonile ePinetown emuka namanzi ngesikhathi eqa ibhuloho ngemoto. Ngaphansi koMasipala uMlalazi ku wadi-6, umbani ushaye wabulala intombazane eminyaka engu-10 walimaza amanye amalunga omndeni amane asathola ukuxilongwa esibhedlela,” kusho uMfu Buthelezi.
Uthe amazinga ka-level-4 emvula ezinamandla asalindelekile esifundazweni okusibeka engcupheni yokuthi imigwaqo namabhuloho kugcwale amanzi.
“Ithimba lezinhlekelele liyaqhubeka nokuqapha isimo ezindaweni ezijwayele ukukhahlamezeka. Ngixwayisa nabashayeli bezimoto ukuthi baqikelele emigwaqweni, nabantu bengahambi uma isidingo singekho,” usho kanje.
