
Nhlakanipho Mnqayi
AMAPHOYISA KwaZulu-Natal asebophe umlisa oneminyaka engu-28 ubudala osolwa ngokudubula abulale uMnuz Busani Khomo owayenguthishanhloko kwezinye zezikole kulendawo eHammarsdale, nyakenye.
Lo mlisa kuthiwa wabulala uKhomo (57) emgwaqeni uSofasonke ngoDisemba-5 nyakenye ngesikhathi ephuma esikoleni ayefundisa kuso.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe amaphoyisa sithe kwavulwa idokodo lokubulala lase lidluliselwa ophikweni lwamaphoyisa eliphenya ngamacala esifunda ahlobene nezobugebengu ezinodlame (Provincial Serious and Violent Crimes Unit).
“Amaphoyisa enza umkhankaso onzulu esebenzisa ezobunhloli elokishinieMpumalanga ngoLwesibili oholele ekutheni kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-28. Amaphoyisa aphinde ashaqa nezingubo okusolakala ukuthi zazigqokwe umsolwa ngesikhathi eyokwenza lesi sigameko,” kusho isitatimende.
Sithe lomsolwa ube eseboshelwa icala lokubulala.
“Umsolwa uvele enkantolo yeMantshi yaseHammarsdale namhlanje njengoba uphenyo lusaqhubeka futhi kusalindeleke ukuthi kuboshwe abanye,” sisho kanje.
