
Nhlakanipho Mnqayi
Umphakathi waseMawoti usufisa amaphoyisa abuyele eceleni uzibambele wona ngezandla umthetho njengoba ukubulawa kwabantu kulendawo sekuyisinkwa semihla ngemihla.
Ukusa kubonwe yilamalunga omphakathi njengoba ngezithuba zabo-03:00 ezintatha namuhla izinkulungwane zamalunga omphakathi ebezibalelwa ngaphezu kuka-7000 zivukele emgwaqweni zabhikisha kwama yonke into zizwakalisa ilaka lazo ngenxa yokubulawa kwabantu mihla namalanga.
Ilunga le-Community Policing Forum (CPF) khona eMawoti, lilandisa Ezangempela For Real, lithe isimo sibi.
“Isimo sishube kakhulu futhi sesiyaphuma esandleni. Okwenze ukuthi namhlanje sivukele emgwaqweni sivale yonke into, yingoba sekufiwa kakhulu kulendawo. Impelasonto nempelasonto sekuhlezi kungcwatshwa. Abantu abasuke bengcwatshwa basuke bengekho ngaphansi kwabahlanu,” lichaza.
Uthe kulombhikisho abebenawo namhlanje kunamalunga alahlekelwe izimpilo zawo.
“Bathathu abantu abadubulekile bashona. Kuthe ngesikhathi sisakhuluma namalunga omphakathi enkundleni yezemidlalo, sezwa sekuqhuma izibhamu, safika sekulele ababili phansi. Omunye udubuleke wayowela ngale ehlokozini kwathi omunye wesifazane wadubuleka egxalabeni waphuthunyiswa esibhedlela eyokhishwa izinhlamvu.
“Umphakathi usuya ngokuthi ulahlekelwa ithemba manje njengoba kubonakala sengathi lezi zigebengu ziyacanasa futhi yizo esezinamandla kakhulu ngaphezu komphakathi. Abafana laba abadubulile, babalekile, ababanjwanga bangene emjondolo bathubeleza, kwathi sekufika amaphoyisa bese bengasekho,” usho kanje.
Uthe amaphoyisa ayahluleka ukwenza umsebenzi wawo. Uthe ukuhlangana kwabo njengamalunga omphakathi bebefuna ukuxoxa ubuso nobuso noNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnuz Senzo Mchunu.
Uthe kusobala ukuthi ukukhuluma kukaMchunu nabaphathi bamaphoyisa akulenzi ushintsho. Uveze nokuthi bacela amasosha ukuthi ake afike ahlale noma izinyanga eziyisithupha, athathe izibhamu aphinde abophe abantu abafanele.
Uphinde waveza ukuthi yize uNgqongqoshe engasafikanga namuhla, kodwa kukhona ithimba alithumele axoxe nalo walilandisa ngezinkinga ababhekene nazo.
