
Nhlakanipho Mnqayi
U-MEC wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, wamukele isimemezelo se-National Disaster Management Centre (NDMC) sokuhlonza isiFundazwe iKwaZulu-Natal njengenhlekelele kulandela izimvula ezinamandla ezikhahlameze imizi ingqalasizinda zaphinde zadlula nemiphefumulo yabantu muva nje.
Babalelwa ku-22 abantu abadlule emhlabeni eKZN njengoba lezi mvula zihlasele kulesi sifundazwe kusukela ngo-Febhuwari-16 kuya ku-28. Umonakalo eziwudalile ubalelwa ku-R3.1 billion wamadameshe.
Lesi simemezelo se-NDMC sizobheka ezinye zezinto ezibalulekile okubalwa kuzo ukugqugquzelwa kwazo zonke izinhlaka zombuso ukuthi ziveze izindlela zokweseka futhi zisebenzise imigomo yezimo eziphuthumayo ukuze kuncishiswe umthelela wezinhlekelele emiphakathini.

Esitatimendeni esikhishwe uButhelezi kuvela ukuthi ithimba lesifundazwe lezinhlekelele lizosebenzisana nethimba lezinhlekelele emhlabeni jikelele ukuze isifundazwe sikwazi ukumelana nalesi simo.
“Sifuna ukuqinisekisa abantu baKwaZulu-Natal ukuthi umnyango uzosebenza ngokukhulu ukuzimisela nophiko lwezinhlekelele nomasipala ukuqinisekisa ukuthi senza okusemandleni ukuthi abantu bayasizakala. Ukuzibophezela kwethu kulele ekuletheni usizo nokweseka imiphakathi ekhahlamezekile, siphinde sakhe kabusha ingqalasizinda esezingeni,” kusho uButhelezi.
Kukhuthazwe izakhamuzi ukuthi zihlale zimehlomile ngaso sonke isikhathi, , zilandele nezixwayiso ezikhishwa yi-South African Weather Service njengoba kunezimvula ezilindelekile kuleli viki elizayo.
