
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa aseshaqe izidakamizwa nenqwaba yemali kubafundi basesikoleni samabanga aphezulu iFairvale Secondary School esiseWentworth ngaphansi kwesiFunda saseMlaza.
Kuthiwa ukugasela kwamaphoyisa kulesi sikole kulandela imibiko yodlame ehlanganisa izidakamizwa ngaphakathi esikoleni.
Kushawe izikero, amaphilisi, ama-gas lighter, immese nomuthi wokukhwehlela iStilpane ofakwa esiphuzweni esithize bese kuthiwa incika nokunye.
Kuphinde kwavela ukuthi abebalelwa ku-60 amaphoyisa afike azohlola kulesi sikole ukuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuqhubeka endaweni ephephile futhi engenazo izidakamizwa.

UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka ushayele amaphoyisa izandla ngokwenza umsebenzi oncomekayo.
“UMnyango uphikisana nemisebenzi yobugebengu egcwala izikole zethu nokubeka abafundi kanye nekusasa labo engcupheni. Ngeke sihlale siyekele izidakamizwa kanye nemisebenzi engekho emthethweni isongela ukuphela nemfundo yezingane zethu,” kusho uHlomuka.
Uthe abazali kumele badlale indima ekuqapheni izindlela ezihanjwa ziyingane zabo.
“Sinxusa abazali ukuthi baqikelele futhi baqinisekise ukuthi izingane zabo zidlalela kude nokusetshenziswa kwezinto ezingekho emthethweni nanoma yimiphi imisebenzi yobugebengu. Ukuphepha nenhlalakahle yokufunda kwethu kudinga ukuthi kusetshenziswane noMnyango, ukugcinwa komthetho nemindeni,” usho kanje.
