
I-Orlando Pirates inekele izwe ngesimo sabanye babadlali bayo abangeke babonakale enkundleni emdlalweni wayo weligi neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium namhlanje ebusuku.
Kusuka emapalini unozinti uSipho Chaine uzowubuka nezihlwele ngenxa yokudonsa isigwebo samakhadi a-yellow.
Isithandwa sabalandeli uPatrick Tito Masangwanyi naye ngeke abe khona ngenxa yokulimala akuthola bedlala neChippa United. Wadonseka umsipha kwesingendla somlenze.
Abanye abadlali okunguMiguel Timm olimele iqakala iqembu lithe uzobuyela ejimini ngokugcwele ezinsukwini eziphakathi kuka-7 no-14.
UThabiso Monyane olimele i-hamstring uzoqala ukujima ngokujima ngejubane kusuka ngesonto elizayo.
Umgadli uZakhele Lepasa olimele iqakala useqalile ukuzilolonga enkundleni kodwa hhayi ngokugcwele.
Umdlali wasemuva u-Olisa Ndah obelimele embaleni useluleme ngokugcwele futhi uyaziqeqesha.
UThabiso Lebitso usekude ukudlala emuva kokuhlinzwa eqakaleni. Usahamba i-physiotherapy.
Omunye umdlali wasemuva uThabiso Sesane naye uhlinziwe emsipheni ongemuva kwesithende i-achillies futhi usehamba i-physiotherapy.
