
UMaspiala weTheku usuqinisekise ukuthi bangu-6 abantu osekutholale ukuthi bashonile kuleli dolobha ngenxa yemvula enamandla ebibhilite izolo ebusuku kwaze kwaba inamuhla ngoLwesithathu.
Ngokwesitatimende sikamasipala, eLamontville kushone owesifazane ona-56, owesilisa ona-60 nezigane ezintathu ezino-5, 11 no 16. Omunye oshonile owaseChartsworth.
Abezimo eziphuthumayo kuthiwa basebenze ubusuku bonke becinga abebedukile bemuka namanzi okuthiwa angene ezindlini . ELamontville kuthiwa kukhahlamezeke imindeni engu-280 okuthiwa izosuswa endaweni ifunelwe eyesikhashana ngesikhathi kusakhucululwa.
Kuvalwe namanye amabhishi okuthiwa nawo athintekile kanti kuzomenyezelwa uma esezovulwa. Imvula ikhahlameze ingqalasizinda, okuyimigwaqo nezakhiwo. UMasipala unxusa abashayeli ukuba bacophelele ngoba imigwaqo iyashelela ngenxa yamanzi.
