
I-agent yomdlali we-Orlando Pirates uThalente Mbatha ifuna isixoliso kulandela ukuqubuka kwezinsolo zokuthi lo mdlali ufike ejimini ebukhile.
UMbatha olihlikihla enkabeni yenkundla useqiwe yimidlalo emibili yePirates. Iqembu lakhe lathi ulimele.
Ezinkundleni zokuxhumana kuqubuke imibiko yokuthi yingoba ufike ejimini engekho sesimeni.
UMbatha siqu sakhe uzichithile izinsolo nge video ku-Instagram wathi uma umqeqeshi emfaka esikimini esizodlala neLamontville Golden Arrows kusasa uzodlala ngoba useluleme.
Imemenja yakhe uMike Maakab ithe kuyaphoxa ukubona izinsolo ezehlisa isithunzi futhi ezingenasisekelo zenziwa ngomdlali.
“UThalente ubelimele futhi usebuyile uyajima neqembu. Eminye imibiko ethi ukunyamalala kwakhe bekungenxa yokwephula imithetho ayingcolisi kuphela igama lakhe kodwa ithunaza nesithunzi,” kusho uMaakab ku-X.
Uthe bafuna isizoliso ezinkundleni zokuxhumana kumdlali, umndeni wakhe. Uthe uma lokhu kungenzeki bengathatha izinyathelo zomthetho.
