
UMasipala weTheku ubaqaphe ngelokhozi abasebenzi abasebenzisa izimoto zomkhandlu ukuthi bawetha kangaki udizili ngosuku nokuthi basebenzisa malini ukwetha udizili ngenyanga.
Lokhu kulandela ukuboshwa komsebenzi wakulo masipala obanjwe oqotsheni ezitamuzela udizili elolini lamanzi likamasipala Reservoir Hills ngo-11 February 2025.
Lo msebenzi kuthiwa wampintshwa amalungu omphakathi zamkhalela wabe esevela enkantolo ngo-12 February 2025. Inhloko yophiko lwezobuqotho kanye nokuphenya uMnuz Jummy Ngcobo uveze ukuthi umasipala ulahlekelwa izizumbulu ngokwebiwa kukadizili kanye nezinye izinsiza sikamasipala.
‘Uphenyo luveza ukuthi bese kuneminyaka emibili lo mkhuba wokwebiwa kukadizili wenzeka. Umsolwa ubedayisa ilitha likadizili ngo-R13, nokuyimali encane kakhulu.’
Uveze ukuthi umsolwa ubethola uR5200 ngamalitha angu-400 kadizili. Uthe kunezikhawu lapho kuneloli ebeletha udizili izikhawu eziwu-4 ngosuku kanti ezinye izimoto zetha ngemali eningi kakhulu ngenyanga. UMasipala uxwayise abazibandakanya nenkohlakalo ukuthi baziyikhotha imbenge yomile
