
Sesifinyelele kwabangu-168 isibalo sabahaqwe umkhuhlane ohambusana nezilonda eKNZ.
EThekwini bangu-120 abahaqekile, eKing Cetshwayo bangu-23, oGwini bangu-20 kanti eMkhanyakude bangu-3. Bonke abahaqekile basezikoleni zamabanga aphansi kanye nasezinkulisa.
Selokhu kutholakale abangu-6 bokuqala abahaqekile phakathi kuka-6 no 10 February 2025, amathimba oMnyango wezeMpilo eKZN uhanbele izikole ezinabafundi abahaqekile.
Bonke abahaqekile kutholwe ukuthi banezimpawu zokuba nomkhuhlane, amaqhuqhuva kanye nezandla ezivuvukele.
UMnyango unxuse abantu ukuba baqikelele inhlanzeko, bawashe izandla ngaso sonke iskkhathi, bangasebenzisi beshintshana ngezipuni, izinkomishi nokunye. Abaqapha izingane banxuswa ukuba basule zonke izindawo namaylthoyizi.
UMnyango uveze ukuthi yize ukhathazekile ngalesi simo.kodwa unxusa abantu ukuba behlise umoya.
