
Isilo uMisuzulu KaZwelithini sesimiselwe iduku uMntwana waseMpumalanga ofike endlunkulu ehamba nomndeni wakhe nabaqaphi.
Lo mntwana ongadalulwanga kuthiwa uneminyaka ekuma-20s.
Iphepha i-City Press lithe izithombe negama lakhe linako kodwa langakushicelela.
Iphepha lithe uNomzamo Myeni okwakumele abe nomgcagco neSilo ngenyanga edlule kodwa wabhuntsha, kwathunyelwa inkomo kubo yokuxolisa ngokumiswa komshado.
Umthombo ucashunwe uthi kuphelile noMaMyeni futhi ngesikhathi exoshwa Isilo sasazi ukuthi kunabazayo.
‘Kusho ukuthi kukhona owamtshela ngoba wabuya eshesha besekhona. Wabona yonke into kwasuka lapho ukulwa. Uzifaka esilingweni.’
Kuthiwa ngaphambi kokubhuntsha komshado Isilo sasilokhu sisho ukuthi ngeke sishadelwe uMaMyeni.
Yize uMaMyeni abonakala kuMkhosi waseSandlwana eNquthu kodwa wafika yedwa, kusho umthombo.
Isilo kuthiwa sesike saya naye eSwatini lona wesifazane omusha ngoFebruary 7 safike samethula khona.
Indlunkulu igcine ingaphawulanga ngalolu daba.
