
Ingase ixoshwe kuMkhonto Wesizwe Party indodakazi yomholi weqembu uJacob Zuma uma ingaxolisi kuNobhala Jikelele uMnuz Floyd Shivambu ngekubhale ngaye ku-X (Twitter).
UNkk Dudu Zuma-Sambudla ubhale ku-X ukuthi uShivambu akanamsebenzi walutho. Uthe uyilona phutha elikhulu elike lavelele iMK.
“Floyd angikwesabi!!! Hamba uyotshela abalandeli bakho ukuthi foko@* Labo mafikizolo laba,” kubhala uDudu.
Ngaphambi kwalokho ubebhale ukuthi abanye babantu abasungula iMk ngababekhona ngoDecember 16 2023. Uthe ngeke abalahle.
Nge-weekend bekuvele incwadi kunencwadi okuthiwa ibhalwe umholi weMK eZululand ekhala ngoShivambu ethi ubuholi bakhe buntekenteke akawazi umsebenzi. Uthe kumele kuphenywe ngokuziphatha kwakhe kuthathwe nezinyathelo akhishwe uma kufanele.
I-MK Party ikhiphe isitatiemende entathakusa namhlanje yathi okubhalwe uDuduzile kuphula imithetho yokuziphatha yeqembu.
Ithe isenzo esinjengalesi sidala uqhekeko futhi umengameli usekhiphe umyalelo wokuthi kumele axolise kuShivambu, kuye uqobo umengameli, amalungu eqembu nabalandeli nabo bonke abantu baseSouth Africa.
Kumele axolise kuwona wonke ama -structure ahola kuwo ahlanganisa iSouthern Caucus of the Pan-African Parliament.
Kumele axolise manje bese kulandela ukuqondiswa izigwegwe.
“Ukuhluleka ukulandela lo myalelo kungaholela ezinyathelweni ezihlanganisa ukunqanyulwa kobulungu beqembu kukaCommander Duduzile Zuma kuMkhonto weSizwe Party nokuthi akhishwe emisebezini yeqembu,” kusho i-statement.
I-MK ithe akekho ongaphezu kweConstitution yayo.
UDudu ubhale wathi bazongixosha kusasa kodwa kulungile emoyeni wami.
“Oksalayo uFloyd akawumsebenzi walutho!!!”
