
IRoyal AM ingase ixoshwe kwiPremier Soccer League (PSL) kulandela ukuzinwa kwayo yizinkinga ezisukela esikweletini somnikazi uShauwn Mkhize sakwaSouth African Revenue Services (SARS).
Ngokwemithetho yeligi, okunye okungenziwa ukuthi iqembu limiswe noma lehliselwe esigabeni esingezansi.
I-SABC Sport ibika ukuthi ikomidi eliphezulu leligi lilokhu lisemihlanganwenj likhuluma kabanzi ngale ndaba futhi sekuphunywe nesinqumo sokuthi kusetshenziswe umthetho ka 57.13. Lokhu kuzosho ukuthi isizini yalo nyaka izophela kunamaqembu angu-15 esikhaleni sangu-16.
IRoyal AM lokhu yagcina ukudlala ngoDecember. Iqembu lathathwa yiSars laphathwa yiyo. Abadlali bake bangajima bekhala ngokungaholi.
Ngesonto elidlule kubikwe ukuthi bake bazama ukuya enkantolo ukuphoqa iPSL neSARS ukuthi ibavumele bedlale.
I-SABC Sports ithe isimemezelo ngesinqumo silindeleke lingakapheli iviki.
