
UKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLt General Nhlanhla Mkwanazi uthi alikho itulo eliboshwayo ukuze kubulawe izigebengu ngoba uma beyobopha umuntu engalwi, uyaboshwa.
UMkhwanazi usho lokhu ngeSonto, obekuwusuku lwesibili kuhleli umhlangano woMkhandlu wamaSu okulwa nobugebengu esifundazweni.
UMkhwanazi ubephendula umbuzo ngokubulawa kwezigebengu waveza ukuthi kunelungu legenge iWest eliboshiwe ngoLwesihlanu ngoba alilwanga, lizovela enkantolo maduze. Uthe okwenzeke ngoMgqibelo ukuthi ngebhadi abebefunwa balwe namaphoyisa yingakho kuphethe ngendlela okuphethe ngayo. Kulesi sigameko kushone abathathu kwaphunyuka ababili eBhambayi eNanda bedubulana namaphoyisa. Kulo mhlangano kunconywe uMkhwanazi ngendlela ahola ngayo amaphoyisa.

UNdunankulu uMnuz Thami Ntuli obehola lomhlangano wezinsuku ezimbili wokuqhamuka namasu okulwa nobugebengu, uthe uma wonke umuntu okhona KwaZulu-Natal angasukuma athi ‘silwisana nobugebengu’ ungabonakala umehluko. Uthe kulo mhlangano bathinte namacala okuhlukunyezwa nokubulawa kwezingane nabantu besifazane, lapho ethe kumele amaqhinga okulwa nakho kumele athi thuthu.
UNtuli uthe bazosungula i-APP ezosetshenziswa abahlukunyezwayo ukuze baxhumane namaphoyisa nokuvuselela olayini bokubika ngobugebengu.
UNtuli uthe bazokwenza nesiqiniseko sokuthi ilaboratory yokuhlola ulibofuzo iyafinyelela esigabeni sokuthi iqale isetshenzwe. Uthe bazohambela izizinda ezikhathazile ngobugebengu. NgoLwesili kusasa, uthe baya eNanda.
