
Umlandeli webhola uMamaJoy Chauke usephinde waba sematheni ngokubonakala enkundleni iLoftus Versfeld ePitoli lapho bekudlala khona iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates namhlanje ntambama.
ISundowns ititinye i-Orlando Pirates ngo 4-1 okwenze yavula igebe ngamaphuzu angu-9 esicongweni seBetway Premiership.
Ezihlelweni uMamaJoy ubonakale ehleli nezeSundowns ejabule okususe ukukhuluma kubantu.
Phela waziwa njengomlandeli wokuqina wePirates. Wafudukela kwiRoyal AM kaShauwn uMaMkhize.
IRoyal AM ibhekene nezinkinga ngoba ayidlali kulandela ukuthathwa kwayo yiSARS ngoba uMaMkhize ekweleta. Selokhu yagcina ukulihlikihla ngoDecember.
Kubonakala indlala yebhola yenze uMamaJoy wabuyela enkundleni wayoseka iSundowns.
“Ko jewa batho (kudliwa abantu)!” kusho uMamaJoy kwenye yama-video yakhe ku-X.
Kwenye i video uphethe ibhodi elibhalwe “at Downs we believe”
