
ULinda Sibiya uthembisa ukuthi kuningi azokwenza kulo nyaka osanda kuqala
ULinda odume ngoMr Magic waphenduka isilomo esakaza oKhozini FM.
Namhlanje ehhotela iHilton eThekwini ubenze inhlolokhono yabafuna ukungena esikoleni sakhe iMagic Broadcasting Academy. Isikole senza izifundo ezahlukene ezithintene nomkhakha wezikaqedisizungu futhi sibhaliswe ngaphansi kweMICTSETA.
Kwinhlolokhono bekukhona umsakazi woKhozi uSipho Mbatha, uDJ Ntukza, DJ Masiya nabanye.
Intsha ifike ngothi lwayo izozama inhlanhla yokuzibekisela indawo. Ibifike ime phambili isho efuna ukukwenza bese uLinda eyayichushisa. Abona ingafanele ubeyeluleka ngekakwenza njengokubuyela esikoleni iyolungisa izifundo ezizoyifaka enyuvesi.
ULinda uthe abanye uzobasebenzisa kwi-podcast yakhe engenye yezinto aphezu kwazo. Uzophinde abafake nakwi agency yakhe.
