
I-IFP ikwamukele isamukele isinqumo soMnyango wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo sokunekela umphakathi uhlu lwabalahlwe ngamacala athinta ucansi.
Umnyango uveze ukuthi lolu hlu luzonekelwa umphakathi ngasekupheleni kukaFebruary.
Kuvela ukuthi bagaphezu kuka-10 000 abalahlwe ngamacala abakulolu hlu.
I-IFP esitatimendeni, ituse umnyango ngaleli gxathu, yanxusa ukuba kuqinisekiswe ukuthi zikhona izinsiza zokuthi lolu hlelo lusebenze ngendlela efanele futhi kuhlale kufakwa namagama abantu abasha abasuke sebelahlwe ngamacala. Ishayela ihlombe leli gxathu, i-IFP ithe libalulekile ekuvikeleni umphakathi ikakhulukazi izingane nabesifazane kwabahlukumeza ngokocansi.
Leli qembu lithi ukuchaywa kwalolu hlu kuzonqanda nabanye abebesacabanga ukuhlukumeza ngokocansi futhi luzonika umphakathi ulwazi olubalulekile lokuzivikela.
I-IFP ithe isazoqhybeka nokulwela ukuthi bathole izigwebo ezinzima abalahlwe ngamacala athitha ucansi.
