
Badedelwe ngebheyili ka-R5000 umuntu emunye abasolwa abangu-12 ababhekene namacala okuthumba nokubulala abesilisa abangu-5 baseBhambayi eNanda abatholwa benamanxeba okugencwa emasontweni amathathu edlule.
Inkantolo yeMantshi eNtuzuma idedele laba basolwa namuhla ngoLwesibili kodwa babuyela eWestville njengoba amalungu omphakathi abesekayo esahlanganisa imali yokubakhipha ukwengeza kwebisivele iqongeleliwe. Okhulumela umphakathi waseBhambayi obulokhu ubhikisha enkantolo ufuna abasolwa badedelwe, uNksz Blessing Nyuswa, uthe into abebeyifuna ukuthi badedelwe ngoba bazizwa bephephile uma bengaphandle ngoba yibona abese bebavikela ebugebengwini obudla lubi kule ndawo.
Uthe bafuna ukukucacisa ukuthi ababoshiwe bangamalungu omphakathi abawasiwo amalungu e-forum elwa nobugebengu ngoba ababengamalungu ayo babulawa izigebengu.
Uthe okubaxakayo ukuthi kade bebika ngokungenelwa ezindlini izigebengu zilimaze abantu zithathe nezimpahla kungenzeki lutho kodwa emuva kwalesi sigameko babona kugcwala lonke uhlobo lwephoyisa endaweni.
UNksz Nyuswa uthe nakanjani kusasa ngoLwesithathu bazokwenza isiqiniseko sokuthi bayawalanda amalungu omphakathi wabo ejele eWestville.
Laba kuvele ukuthi babhekene namacala asesigabeni uSchedule 6 onesigwebo esingudilkajele.
