
UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli ukholwa ukuthi ukuphenywa kweThala yi-SIU kubalwa nodaba lwethenda eyanikwa iTech Mahindra kuzolekelela ukuvundulula ukungahambisi kahle futhi kuqinisekise ukuthi abangahambisanga kahle bayajeza.
UNtuli ulwamukele uphenyo olugunyazwe ngumengameli uCyril Ramaphoyisa lokuba i-SIU iphenye ibhange Ithala, Ezemvelo Wildlife kanye neKZN Tourism.
Uncome umengameli ngokungananazi ukuthatha isinqumo ikakhulukazi emuva kokubonisana kwabo ngodaba olushisa ibunzi oluthinta Ithala kanye nokuqinisekisa ukuthi yonke into ivela obala futhi kuyaphendulwa ngokwenzeka ezikhungweni zikahulumeni.
UNtuli uthe usazinikele ekuvikeleni nasekugcineni Ithala, okuyisikhungo esidlale indima enkulu ekuthuthukiseni imiphakathi kanye namabhizinisi amancane esifundazweni.
Uthe uyakwamukela ukuphenywa kwe-Ezemvelo Wildlife neKZN Tourism ukuqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ukuqinisekisa ukuthi kubuswa ngendlela efanele futhi kuyaziwa ukuthi imali isebenze kanjani esifundazweni emikhakheni eyehlukene yezimali kanye neyezemvelo.
UNtuli uqinisekise abantu baseKZN ukuthi uhulumeni awuholayo uzinikele ekuqapheni imali yomphakathi nokuthi zonke izikhungo zisebenza ngokuthembeka.
