
Nhlakanipho Mnqayi
Balale bebaliwe abasolwa abangu-15 izolo ebusuku emva kweziteleka ezinodlame ezingxenyeni eziningi zeTheku kanye nasemalokishini asondelene nalo.
Ukuboshwa kwalaba basolwa kunyuse isibalo saba ngu-19, okubalwa nabasolwa abangu-4 ababoshwe ngoLwesine ngokuzama ukubulala nokukhipha isibhamu emphakathini.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe, abasolwa bazobhekama namacala okususa udlame emphakathini kanye nokulimaza impahla.
“Kushiswe imizi emibili emdaweni yaseMbilo, kwacekelwa phansi izitolo eziningi maphakathi neTheku, kwathi kwezinye kwatatshwa kuzona.”
“Iningi labasolwa ababoshiwe abafundi kanti ithimba lamaphoyisa e-Intelligence kanye namaphoyisa bayaqhubeka nokubheka labo abathintekayo ekushisweni kwezimoto namabhilidi,” kusho isitatimende.
Amaphoyisa KwaZulu-Natal aphinde achitha izinsolo esezisabalale ezinkundleni zokuxhumana mayelana nomdlalo wamanqamu weMTN8 phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
“Umdlalo uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe. Amaphoyisa azoqinisekisa ukuthi abalandeli, ononompempe, kanye nabadlali bazovikeleka. Yonke imigwaqo eya enkundleni ivuliwe futhi noma ubani ozama ukuqala isiteleka emigwaqeni eya enkundleni, noma bude buduze nenkundla iMoses Mabhida uzobhekana nengalo yomthemtho,” sisho kanje.
