
Nhlakanipho Mnqayi
Isikhulu esiphezulu sakwa-Open Tickets, uMnuz Marnus Van Niekerk usechithe izinsolo zokuthu amathikithi omdlalo wamanqamu weMTN8 abedayiselwa abantu abangaphandle kwesifundazwe saKwaZulu-Natal kuphela.
Esithangamini nabezindaba, uVan Niekerk uveze ukuthi u-60% wamathikithi ongu-49 000 odayisiwe uthengwe abantu base-KZN futhi baangabuveza ubufakazi balokhu.
UVan Niekerk usho kanje kulandela izinsolo ezisabalele zokuthi abalandeli baKwaZulu-Natal bavinjwa ngamabomu ekutheni bakwazi ukuthenga amathikithi alomdlalo.
“Kunombono wokuthi abantu baseKZN abazange banikwe ithuba elilinganayo lokuthenga amathikithi, kepha ngingasho ngokuphelele ukuthi lokho akulona iqiniso.
“Ayikho imizamo evela kumxhasi, kwiligi noma kwa-Open Tickets wokulawula ukuthi ubani othenga amathikithi nokuthi ubani ongawathengi,” kusho uVan Niekerk.
Uqhube wathi bekukhona uhlelo lokuma emgqeni olwalulingana kuwo wonke umuntu.
“Wonke umuntu ubethola ithuba elifanayo. Futhi sinazo izibalo ezikufakazela lokho. Cishe u-60% wamathikithi athengisiwe, uthengwe ngabantu baseKZN. IGauteng ilandela endaweni yesibili,” usho kanje.
Lomdlalo wamanqamu ozobe uphakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns uzoba kusasa eMoses Mabhida Stadium ngo-6 ebusuku.
