
Nhlakanipho Mnqayi
Iqalwe ngengozi enyantisayo inyanga yezokuThutha njengoba kushone abantu abangu-10 kwathi abangu-5 baphuthunyiswa esibhedlela belimele ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo iphaphalaza yashayisa isihlahla yabe isingena ehlathini emgwaqeni u-Old Georgedale, eCato Ridge bude buduze naseHammersdale izolo ebusuku.
Kuthiwa itekisi ibithwele onogada ngesikhathi kwenzeka lengozi.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma ujube ithimba ukuthi liye emndenini yalabo abashonile kanye nalabo abasesibhedlela.
Kwenzeka lengozi-nje, ngenyanga edlule kube nenye ingozi enyantisa igazi eyenzeka emgwaqeni uN2 eMtubatuba ngesikhathi itekisi lishayisana neloli kwashona abangu-13 ababephuma emcimbini kaMaskandi.
Imbangela yengozi isaphenywa.
