
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa KwaZulu-Natal athungatha abasolwa emva kokutholakala kwe-cocaine engabiza u-R13 million ngesikhathi eqhuba uhlelo lwawo echwebeni laseThekwini, izolo.
Emva kokuthi kutholakale izidakamizwa esifundazweni saseGoli ngo-April nonyaka, imininingwane iveze ukuthi izidakamizwa zingene kuleli ziqhamuka echwebeni laseThekwini.
Isitatimende samaphoyisa sithe kube sekuqhutshwa uhlelo kwahlolwa eminye yemikhumbi.
“Ngesikhathi kuqhutshwa uhlelo obelufaka phakathi amaphoyisa ophiko lwe-Durban Operational Response Services (ORS) nophiko lwe-Serious Organised Crime Investigation (SOCI), kuvundululwe ama-blocks angu-32 okusolakala ukuthi awe-cocaine abefakwe endaweni egcina umoya ebhasini. Lamabhasi afike ngomkhumbi obusuka ezweni laseSouth America elibangise esifundazweni saseGoli,” kusho isitatimende.
Uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholakale abasolwa abathintekayo nanokuthi lezi zidakamizwa beziya kobani.
